2 uSamuweli 7:1-17

2 uSamuweli 7:1-17 ZUL59

Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke, inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.” UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.” Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi: “Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na? Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.* Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwa-Israyeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami u-Israyeli ukuthi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’ “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli; nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala, kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu, kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ” Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.