2 uSamuweli 7:1-17

2 uSamuweli 7:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile, inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.” UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uSimakade unawe.” Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaSimakade lafika kuNathani, lathi: “Hamba utshele inceku yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Uyakungakhela yini indlu ukuba ngihlale kuyo na? Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini. Ezindaweni zonke engihambe kuzo nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli ngake ngalikhipha yini izwi kunoma yisiphi isizwana sakwa-Israyeli engasiyala ukuba seluse abantu bami u-Israyeli ngathi: aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?” ’ “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli. Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala, kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu. Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe. Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu. Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ” UNathani wawakhuluma kuDavide wonke lawo mazwi nakho konke lokho akubonile.

2 uSamuweli 7:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke, inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.” UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.” Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi: “Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na? Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.* Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwa-Israyeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami u-Israyeli ukuthi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’ “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli; nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala, kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu, kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ” Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.

2 uSamuweli 7:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke; Inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yokhuni lomsedari, kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala ngaphakathi kwezilenge. UNathani wasesithi enkosini: Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho; ngoba iNkosi ilawe. Kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi: Hamba utshele inceku yami uDavida ukuthi: Itsho njalo iNkosi: Wena uzakungakhela indlu yokuhlala? Angihlalanga endlini kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngahamba etendeni nasetabernakele. Ezindaweni zonke engangihamba kuzo kanye nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngakhuluma izwi kunoma yisiphi isizwe sakwa-Israyeli engabayala ukuba seluse abantu bami u-Israyeli, ngathi: “Kungani ningangakheli na? indlu yemisedari? Ngalokho wothi encekwini yami uDavide: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngakuthatha esibayeni sezimvu, ulandela izimvu, ukuba ube ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli. Nganginawe nomaphi lapho uya khona, ngachitha zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elikhulu njengegama labakhulu emhlabeni. Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala; Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu, njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kuze kube nininini. Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu; Kepha umusa wami awuyikusuka kuye, njengalokho ngawususa kuSawule, engawususa phambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini. Njengawo wonke lawa mazwi nangawo wonke lowo mbono, kanjalo uNathani wakhuluma kuDavide.