2 USamuweli 7

7
USimakade Uthembisa UDavide Ngokwakhiwa Kwendlu
1 Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile, 2 inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.”
3 UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uSimakade unawe.”
4Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaSimakade lafika kuNathani, lathi:
5 “Hamba utshele inceku yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Uyakungakhela yini indlu ukuba ngihlale kuyo na? 6 Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini. 7 Ezindaweni zonke engihambe kuzo nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli ngake ngalikhipha yini izwi kunoma yisiphi isizwana sakwa-Israyeli engasiyala ukuba seluse abantu bami u-Israyeli ngathi: aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?” ’
8 “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli. 9 Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni. 10 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala, 11 kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu. 12 Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe. 13 Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade. 14 Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu. 15 Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. 16 Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”
17UNathani wawakhuluma kuDavide wonke lawo mazwi nakho konke lokho akubonile.
Umkhuleko KaDavide
18 Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na? 19 Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Simakade, kepha ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, ngabe iyona ndlela le, Nkosi Simakade, ophatha ngayo abantu na?
20 “UDavide angabuye athini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Simakade. 21 Ngenxa yezwi lakho nangokufisa kwenhliziyo yakho ukwenzile konke lokhu okukhulu, wakwazisa inceku yakho.
22 “Ngakho-ke umkhulu, Nkosi Simakade, ngokuba akekho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho kukho konke esikuzwile ngezindlebe zethu. 23 Yisiphi isizwe esisodwa nje emhlabeni esinjengabantu bakho, u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho, owazihlengela bona eGibhithe ezizweni nakonkulunkulu bazo na? 24 Wazimisela abantu bakho, u-Israyeli, ukuba babe ngabantu bakho kuze kube phakade, Wena Simakade ube nguNkulunkulu wabo.
25“Manje, Simakade Nkulunkulu, izwi olikhulume ngenceku yakho nangendlu yayo limise, kuze kube phakade, wenze njengalokhu ukhulumile. 26 Malibe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘USimakade Wamabandla unguNkulunkulu ka-Israyeli,’ indlu yenceku yakho, uDavide, izinze phambi kwakho.
27 “Ngokuba Wena Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, ukwembulile endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu,’ ngalokho-ke inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe. 28 Manje, Nkosi Simakade, Wena unguNkulunkulu, namazwi akho aliqiniso, ukhulumile encekwini yakho lokho okuhle. 29 Manje-ke vuma ukubusisa indlu yenceku yakho ukuze ibe phambi kwakho kuze kube phakade, ngokuba Wena Nkosi Simakade, ukhulumile ngesibusiso sakho, iyakubusiswa indlu yenceku yakho, kuze kube phakade.”

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo