2 USamuweli 6

6
Umphongolo Uyiswa EJerusalema
1 UDavide waphinde wabaqoqa bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, ababa yizi-30 000. 2 UDavide wasuka wahamba nabo bonke abantu ayenabo, besuka eBhali Juda, ukuyolinda umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, igama likaSimakade Wamabandla ohlala phezu kwamakherubhi. 3 Bawukhweza enqoleni entsha umphongolo kaNkulunkulu, bawususa endlini ka-Abhinadaba eyayiseGibheya. U-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abhinadaba, yibona ababeshayela leyo nqola entsha. 4Bayikhipha endlini ka-Abhinadaba eGibheya nomphongolo kaNkulunkulu; u-Ahiyo wayehamba phambi komphongolo. 5 UDavide nendlu yonke yakwa-Israyeli bathokoza phambi kukaSimakade bebetha izinhlobonhlobo zokhehlegume, ezomsayiphuresi, amahabhu, izingubhu, izigubhu, ubuxhaka namasimbali.
6 Lapho befika esibuyeni sikaNakhoni, u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. 7 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
8UDavide wathukuthela ngenxa yokuthi uSimakade wayehlasele u-Uza, wayiqamba leyo ndawo ngokuthi iPheresi Uza, kuze kube namuhla.
9Ngalolo lusuku, uDavide wamesaba uSimakade, wayesethi: “Umphongolo kaSimakade uyakuza kanjani kimi na?”
10 Ngakho-ke uDavide akavumanga ukuba umphongolo kaSimakade ulethwe kuye, emzini kaDavide, kodwa wawuchezukisa umphongolo kaSimakade, wawuyisa endlini ka-Obhede Edomi, umGithi. 11Umphongolo kaSimakade wahlala endlini ka-Obhede Edomi, umGithi, izinyanga ezintathu; uSimakade wambusisa u-Obhede Edomi nendlu yakhe yonke.
12 Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile. 13 Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo. 14 UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe. 15UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
16 Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.
17 Bawungenisa umphongolo kaSimakade, bawubeka endaweni yawo, phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. UDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, phambi kukaSimakade. 18 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade Wamabandla. 19Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe.
20 UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”
21 Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngisine phambi kukaSimakade owangikhetha ukuba ngibe yinkosi kunoyihlo nabo bonke abendlu yakhe, wangibeka ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaSimakade kwa-Israyeli, yebo, ngisinile phambi kukaSimakade. 22Ngiyokwedeleleka, kodwa okukhulu ngiyakuzithoba emehlweni ami, kepha izincekukazi okhulume ngazo ziyongihlonipha.”
23UMikhali, indodakazi kaSawule, akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo