1 KwabaseThesalonikha 5:1-11

1 KwabaseThesalonikha 5:1-11 ZUL20

Bazalwane, mayelana nezikhathi nangemizuzu, aniswele ukulotshelwa ngakho, ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka. Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice ningazelele, njengesela, ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama. Ngakho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, sizithibe. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku. Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa, ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Khristu, owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.