1 kwabaseThesalonika 5:1-11

1 kwabaseThesalonika 5:1-11 ZUL59

Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa, ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka. Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela, ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama; ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku; kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa; ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.