1 kwabaseThesalonika 5:1-11

1 kwabaseThesalonika 5:1-11 CZB24

Kepha ngokwezikhathi nezinkathi, bazalwane, anidingi ukuba nginilobele. Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka. Kepha nina, bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice njengesela. Lina lonke lingabantwana bokukhanya labantwana bemini; Ngakho-ke masingalali njengabanye; kodwa masiqaphele, sibe sisangulukile. Ngokuba abalalayo balala ebusuku; nabadakwayo badakwa ebusuku. Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nothando; nesigqoko sokuzivikela, ithemba lensindiso. Ngoba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuzuza insindiso ngeNkosi yethu uJesu Kristu; owasifelayo, ukuze kuthi, loba siphaphama kumbe silele, siphile kanye laye. Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.