1 KwabaseThesalonikha 5

5
Hlalani Nikulindele Ukubuya KweNkosi
1 Bazalwane, mayelana nezikhathi nangemizuzu, aniswele ukulotshelwa ngakho, 2 ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. 3 Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.
4 Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice ningazelele, njengesela, 5 ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama. 6 Ngakho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, sizithibe. 7 Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku. 8 Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa, 9 ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Khristu, 10 owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. 11 Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.
Baziseni Abaholi Benu, Nalulekane
12 Manje siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazise abazikhandlayo phakathi kwenu, benihola eNkosini, futhi beneluleka. 13 Baziseni kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula. 14 Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke. 15 Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.
16 Thokozani njalo, 17 nikhuleke ningaphezi. 18 Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani. 19 Ningamcimi uMoya, 20 ningakudeleli ukuphrofetha. 21 Vivinyani konke, nibambisise okuhle. 22Dedani kulo lonke uhlobo lobubi.
Isiphetho
23 Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu. 24 Uthembekile onibizayo, futhi oyakukwenza lokho.
25 Bazalwane, sikhulekeleni. 26 Khonzani kubo bonke abazalwane ngokwanga okungcwele. 27 Ngiyaniyala eNkosini ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
28 Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseThesalonikha 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo