1 KwabaseThesalonikha 2:1-10

1 KwabaseThesalonikha 2:1-10 ZUL20

Nina bazalwane niyazi ukuthi ukunihambela kwethu akubanga yize. Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu. Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okwedukisayo nokokungcola nokobuqili, kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi. Asizange sifune ukutuswa ngabantu, noma yinina, noma ngabanye; nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe. Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi. Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu. Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.