1 kwabaseThesalonika 2:1-10

1 kwabaseThesalonika 2:1-10 ZUL59

Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize. Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu. Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso, kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi, singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye, ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina. Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu. Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki