1 kwabaseThesalonika 2:1-10
1 kwabaseThesalonika 2:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba niyakwazi, bazalwane, ukungena kwethu kini, ukuthi akubanga yize; Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu. Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso; Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi: Asifunanga ukudunyiswa ngabantu, nakini, noma kwabanye, nakuba sasingaba umthwalo njengabaphostoli bakaKristu. Kodwa sasimnene phakathi kwenu njengomdlezane ondla abantwana bakhe; Kanjalo njengoba besinilangazela, sathanda ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nemiphefumulo yethu uqobo, ngokuba nanithandeka kithi. Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini. Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo
1 kwabaseThesalonika 2:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nina bazalwane niyazi ukuthi ukunihambela kwethu akubanga yize. Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu. Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okwedukisayo nokokungcola nokobuqili, kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi. Asizange sifune ukutuswa ngabantu, noma yinina, noma ngabanye; nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe. Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi. Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu. Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.
1 kwabaseThesalonika 2:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize. Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu. Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso, kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi, singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye, ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina. Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu. Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki
1 kwabaseThesalonika 2:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)