1 KwabaseThesalonikha 2

2
Umsebenzi KaPawula EThesalonikha
1 Nina bazalwane niyazi ukuthi ukunihambela kwethu akubanga yize. 2 Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu. 3 Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okwedukisayo nokokungcola nokobuqili, 4 kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. 5 Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi. 6 Asizange sifune ukutuswa ngabantu, noma yinina, noma ngabanye; 7 nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe. 8 Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi. 9 Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
10 Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki. 11 Niyazi futhi ukuthi yilowo nalowo kini samphatha njengalokhu uyise ephatha abantwana bakhe; 12 sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe.
UPawula Ulanda Ngezinhlupheko Zabo Zokuzingelwa Ngenxa Yokukholwa
13 Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo. 14 Ngokuba nina bazalwane nalingisa amabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKhristu uJesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokhu nawo ahlushwa ngabaJuda. 15 Bona bayibulala iNkosi uJesu nabaphrofethi, basizingela nathi kanzima, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke, 16 besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.
Uthando LukaPawula Aluguqukile
17 Kepha thina bazalwane, besehlukanisiwe nani okwesikhashana, kodwa hhayi ngezinhliziyo, yingakho sikushisekele kakhulu ukuba sinibone, okuyikhona sikunxanele kakhulu. 18 Ngakho-ke besithanda ukuza kini, impela mina Pawula, ngizame kaningana, kodwa uSathane wasivimbela. 19 Ngokuba liyini ithemba lethu, ukuthokoza nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu ekufikeni kwakhe, uma kungeyini na? 20 Nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseThesalonikha 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume