1 AMakhosi 9:6-21

1 AMakhosi 9:6-21 ZUL20

“Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu. Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’ “Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ” Kwathi sekuphele iminyaka engama-20 uSolomoni akhe ngayo zombili izindlu: indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, uHiramu, inkosi yaseThire, owayesize uSolomoni ngemisedari, ngemisayiphuresi, ngegolide nangakho konke ayekufisa, inkosi uSolomoni yamnika uHiramu imizi engama-20 eGalile. UHiramu wasuka eThire ukuyobona imizi uSolomoni ayemnike yona, kodwa ayizange imgculise. Wathi: “Mfowethu, iyini le mizi onginike yona na?” Wayibiza ngeKhabhuli kuze kube yinamuhla. UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide. Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri. UFaro, inkosi yaseGibhithe, wayenyukile walidla iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehleli emzini, wayeselinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, laba yisipho sayo. USolomoni walakha kabusha iGezeri, iBhethi Horoni eZansi, iBhalathi, iThamari elalisehlane lalelo lizwe, nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo. Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli, nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.