1 AmaKhosi 9:6-21

1 AmaKhosi 9:6-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu. Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’ “Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ” Kwathi sekuphele iminyaka engama-20 uSolomoni akhe ngayo zombili izindlu: indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, uHiramu, inkosi yaseThire, owayesize uSolomoni ngemisedari, ngemisayiphuresi, ngegolide nangakho konke ayekufisa, inkosi uSolomoni yamnika uHiramu imizi engama-20 eGalile. UHiramu wasuka eThire ukuyobona imizi uSolomoni ayemnike yona, kodwa ayizange imgculise. Wathi: “Mfowethu, iyini le mizi onginike yona na?” Wayibiza ngeKhabhuli kuze kube yinamuhla. UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide. Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri. UFaro, inkosi yaseGibhithe, wayenyukile walidla iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehleli emzini, wayeselinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, laba yisipho sayo. USolomoni walakha kabusha iGezeri, iBhethi Horoni eZansi, iBhalathi, iThamari elalisehlane lalelo lizwe, nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo. Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli, nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.

1 AmaKhosi 9:6-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ” Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide. Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona. Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.

1 AmaKhosi 9:6-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha uma nichezuka kimi nangayiphi indlela, nina nabantwana benu, nemiyalo yami nezimiso zami engizibeka phambi kwenu, ningagcini, kepha hambani nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele. Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke. Futhi kule ndlu ephakeme, wonke umuntu odlula kuyo uyomangala futhi ashaye ikhwelo; bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni lokhu kuleli zwe nakule ndlu na? Bazakuthi: Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho uJehova wehlisela lobu bubi phezu kwabo bonke. Kwathi ekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akha izindlu ezimbili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, (UHiramu inkosi yaseTire wanika uSolomoni imisedari nemisayipuresi negolide njengakho konke ukufisa kwakhe; inkosi uSolomoni yanika uHiramu imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. UHiramu wasephuma eTire ukubona imizi uSolomoni ayemnike yona; futhi abamthokozisanga. Wathi: “Yimizi miphi le onginike yona, mfowethu na?” Wababiza ngokuthi izwe laseKabuli kuze kube namuhla. UHiramu wathumela enkosini amatalenta angamashumi ayisithupha egolide. Lesi yisizathu sesibopho inkosi uSolomoni eyasisusayo; ukwakha indlu kaJehova nendlu yakhe neMilo nogange lwaseJerusalema neHazori neMegido neGezeri. UFaro inkosi yaseGibithe wenyuka walithatha iGezeri walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ahlala emzini, walinika indodakazi yakhe, umkaSolomoni, yaba yisipho. USolomoni wakha iGezeri, neBeti Horoni lasezansi, noBhahalati noTadimori ehlane ezweni, nayo yonke imizi yokugcina izimpahla uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, uSolomoni ayethanda ukuyakha eJerusalema, naseLebanoni, nakulo lonke izwe lombuso wakhe. Bonke abantu ababesele kuma-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ababengebona abantwana bakwa-Israyeli, Abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abantwana bakwa-Israyeli ababengenakubaqalekisa, uSolomoni wabakhokhisa intela yenkonzo kuze kube namuhla.