1 AMakhosi 9

9
USimakade Ubonakala KuSolomoni Okwesibili
1 Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nakho konke ayefisile ukukwenza, 2 uSimakade wabonakala kuye ngokwesibili, njengokuba wayekade ebonakale kuye eGibheyoni. 3 USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.
4 “Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami, 5 ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’
6 “Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 7 ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu. 8 Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’
9 “Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”
USolomoni Upha UHiramu Imizi
10 Kwathi sekuphele iminyaka engama-20 uSolomoni akhe ngayo zombili izindlu: indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, 11uHiramu, inkosi yaseThire, owayesize uSolomoni ngemisedari, ngemisayiphuresi, ngegolide nangakho konke ayekufisa, inkosi uSolomoni yamnika uHiramu imizi engama-20 eGalile. 12UHiramu wasuka eThire ukuyobona imizi uSolomoni ayemnike yona, kodwa ayizange imgculise. 13 Wathi: “Mfowethu, iyini le mizi onginike yona na?”
Wayibiza ngeKhabhuli kuze kube yinamuhla. 14 UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide.
Izisebenzi Ezabizwa NguSolomoni Ukuzokwakha
15 Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri. 16 UFaro, inkosi yaseGibhithe, wayenyukile walidla iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehleli emzini, wayeselinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, laba yisipho sayo. 17 USolomoni walakha kabusha iGezeri, iBhethi Horoni eZansi, 18iBhalathi, iThamari elalisehlane lalelo lizwe, 19 nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo.
20Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli, 21 nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla. 22 Kepha kwabakwa-Israyeli uSolomoni akenzanga namunye waba yisigqila, ngokuba bona babengamabutho, izinceku zakhe, izikhulu zakhe, abakhuzi bempi, abaphathi bezinqola zakhe nabamahhashi bakhe. 23 Bona babeyizinduna ezinkulu ezazengamele umsebenzi kaSolomoni ezazingama-550, ziphethe abantu ababesebenza.
24 Indodakazi kaFaro kuphela eyasuka emzini kaDavide yaya endlini yayo, inkosi eyayiyakhele yona; wayakha futhi neMilo.
25 USolomoni wayenikela kathathu ngonyaka ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-althare ayelakhele uSimakade, eshisa impepho kanye neminikelo phambi kukaSimakade. Wayeseqedile ukwakha indlu.
Imikhumbi Eyakhiwa NguSolomoni
26 Inkosi uSolomoni yakha imikhumbi e-Eziyoni Gebheri eseceleni kwase-Elathi ogwini loLwandle Lomhlanga kwa-Edomi. 27 UHiramu wathumela ngaleyo mikhumbi izinceku zakhe, ezazingamatilosi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. 28 Zaya e-Ofiri, zalanda lapho igolide elingamathalenta angama-420, zaliletha enkosini uSolomoni.

Okuqokiwe okwamanje:

1 AMakhosi 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume