1 AmaKhosi 9:6-21

1 AmaKhosi 9:6-21 ZUL59

“Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ” Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide. Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona. Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo