1 AMakhosi 9:1-9

1 AMakhosi 9:1-9 ZUL20

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nakho konke ayefisile ukukwenza, uSimakade wabonakala kuye ngokwesibili, njengokuba wayekade ebonakale kuye eGibheyoni. USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku. “Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami, ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’ “Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu. Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’ “Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”