1 AmaKhosi 9:1-9

1 AmaKhosi 9:1-9 ZUL59

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, nendlu yenkosi, nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefune ukukwenza, uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni. UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke. “Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’ “Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo