1 AmaKhosi 9:1-9

1 AmaKhosi 9:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nakho konke ayefisile ukukwenza, uSimakade wabonakala kuye ngokwesibili, njengokuba wayekade ebonakale kuye eGibheyoni. USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku. “Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami, ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’ “Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu. Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’ “Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”

1 AmaKhosi 9:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, nendlu yenkosi, nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefune ukukwenza, uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni. UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke. “Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’ “Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

1 AmaKhosi 9:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova nendlu yenkosi, nazo zonke izifiso zikaSolomoni ayethanda ukuzenza, ukuthi uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho wabonakala kuye eGibeyoni. Wayesethi uJehova kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho okwenzile phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngimise igama lami khona kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona njalo. Uma uhamba phambi kwami njengokuhamba kukayihlo uDavide ngobuqotho benhliziyo nangobuqotho, ukwenza njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami; Njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini, njengokuthembisa kwami kuDavida uyihlo ngokuthi: Kawuyikuswela muntu esihlalweni sobukhosi sikaIsrayeli. Kepha uma nichezuka kimi nangayiphi indlela, nina nabantwana benu, nemiyalo yami nezimiso zami engizibeka phambi kwenu, ningagcini, kepha hambani nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele. Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke. Futhi kule ndlu ephakeme, wonke umuntu odlula kuyo uyomangala futhi ashaye ikhwelo; bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni lokhu kuleli zwe nakule ndlu na? Bazakuthi: Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho uJehova wehlisela lobu bubi phezu kwabo bonke.