1 KwabaseKhorinte 7:25-40

1 KwabaseKhorinte 7:25-40 ZUL20

Kepha maqondana nezintombi, anginawo umyalo weNkosi, kodwa ngibeka uvo lwami njengothembekileyo nowahawukelwa yiNkosi. Ngakho-ke ngithi ngenxa yenkathazo ekhona, kuhle ukuba indoda ihlale injengalokhu injalo. Ngabe uboshelwe kumkakho na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumkakho na? Ungafuni omunye umfazi. Kepha uma uganwa, awenzi sono, nentombi uma igana ayoni, kodwa abanjalo bayakuba nosizi enyameni, kepha mina ngiyaniphephisa. Bazalwane, ngithi isikhathi sesisifushane; kusukela manje abaganiweyo mabafane nabangaganiwe, nabakhalayo mabafane nabangakhaliyo, abathokozayo mababe njengabangathokozi, abathengayo mababe njengabangenalutho, nabasebenzisa leli lizwe mababe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli lizwe siyadlula. Kepha ngifuna ukuba ningakhathazeki. Ongaganiwe ukhuthalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhuthalela okwezwe ukuba angamthokozisa kanjani umkakhe, unemicabango eyahlukene. Nongaganile, oyintombi, ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni. Kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuthi angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho. Kepha uma umuntu ecabanga ukuthi wenza okungafanele entombini eyingoduso yakhe, uma isikhulile, makenze akubonayo, mabaganane uma kufanele ukuba kwenziwe kanjalo; akoni ngalokho. Kepha omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa yilutho, futhi eyibusa imizwa yakhe, makenze akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakuyiyeka ingoduso yakhe iyintombi, wenza kahle. Ngakho-ke oganwa yintombi eyingoduso yakhe, wenza kahle, kodwa ongaganwa yiyo wenza kahle kakhulu. Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isaphila, kodwa uma isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokuthanda kwakhe, kuphela ukuba lokho kube seNkosini. Kepha ubusisekile kakhulu uma ehlala enjalo; lowo-ke ngumbono wami, futhi ngicabanga ukuthi ngiholwa nguMoya kaNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 7:25-40