1 kwabaseKorinte 7:25-40

1 kwabaseKorinte 7:25-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke. Ngakho ngithi kuhle lokhu ngenxa yokucindezeleka okukhona, ngithi kuhle kumuntu ukuba abe njalo. Uboshelwe emfazini na? ningafuni ukuthukululwa. Ukhululiwe emfazini na? ungamfuni umfazi. Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka. Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane; Labakhalayo babe njengabangakhaliyo; nabathokozayo, babe njengabangathokozi; nabathengayo, babe njengabangenalutho; nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula. Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi; Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe. Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; Lalokhu ngikutsho kube yinzuzo yenu; kungeyisikho ukuthi nginiphosele umjibila, kodwa ngokufaneleyo, lokukhonza iNkosi ngaphandle kokuthikamezeka. Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni; Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle. Ngakho-ke owendisayo wenza kahle; kodwa ongendisiyo wenza okungcono kakhulu. Umfazi uboshiwe ngomthetho ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile ukuba agane nendoda ayithandayo; eNkosini kuphela. Kodwa uthokoza kakhudlwana uma ehlala kanjalo ngokokubona kwami, futhi ngicabanga ukuthi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 7:25-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha maqondana nezintombi, anginawo umyalo weNkosi, kodwa ngibeka uvo lwami njengothembekileyo nowahawukelwa yiNkosi. Ngakho-ke ngithi ngenxa yenkathazo ekhona, kuhle ukuba indoda ihlale injengalokhu injalo. Ngabe uboshelwe kumkakho na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumkakho na? Ungafuni omunye umfazi. Kepha uma uganwa, awenzi sono, nentombi uma igana ayoni, kodwa abanjalo bayakuba nosizi enyameni, kepha mina ngiyaniphephisa. Bazalwane, ngithi isikhathi sesisifushane; kusukela manje abaganiweyo mabafane nabangaganiwe, nabakhalayo mabafane nabangakhaliyo, abathokozayo mababe njengabangathokozi, abathengayo mababe njengabangenalutho, nabasebenzisa leli lizwe mababe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli lizwe siyadlula. Kepha ngifuna ukuba ningakhathazeki. Ongaganiwe ukhuthalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhuthalela okwezwe ukuba angamthokozisa kanjani umkakhe, unemicabango eyahlukene. Nongaganile, oyintombi, ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni. Kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuthi angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho. Kepha uma umuntu ecabanga ukuthi wenza okungafanele entombini eyingoduso yakhe, uma isikhulile, makenze akubonayo, mabaganane uma kufanele ukuba kwenziwe kanjalo; akoni ngalokho. Kepha omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa yilutho, futhi eyibusa imizwa yakhe, makenze akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakuyiyeka ingoduso yakhe iyintombi, wenza kahle. Ngakho-ke oganwa yintombi eyingoduso yakhe, wenza kahle, kodwa ongaganwa yiyo wenza kahle kakhulu. Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isaphila, kodwa uma isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokuthanda kwakhe, kuphela ukuba lokho kube seNkosini. Kepha ubusisekile kakhulu uma ehlala enjalo; lowo-ke ngumbono wami, futhi ngicabanga ukuthi ngiholwa nguMoya kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 7:25-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi. Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo. Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi. Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa. Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo, nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto, nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula. Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki. Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane. Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle. Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu. Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini. Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 7:25-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)