1 KwabaseKhorinte 7

7
Iziluleko Nemithetho Yokugana
1Manje, maqondana nalokho enangilobela ngakho: kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane. 2 Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda. 3 Indoda mayimenelise umfazi ngokocansi, kanjalo nomfazi enze kanjalo endodeni. 4Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo. 5Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu. 6Kepha lokhu ngikusho ngokuvunyelwa yini, anginishayeli umthetho. 7 Ngifisa ukuba abantu bonke babe njengami, kodwa yilowo nalowo muntu unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye uphiwe lesi, omunye uphiwe lesiya.
8Kepha kulabo abangaganiwe nakubafelokazi ngithi bekungaba kuhle ukuba bahlale benjengami. 9 Uma bengakwazi ukuzithiba, mabagane, ngokuba kuhle ukugana kunokusha yinkanuko.
10 Kepha kwabaganiweyo ngiyabayala, kodwa kungemina, kuyiNkosi, umfazi makangahlukani nendoda yakhe. 11Kepha uma ehlukene nayo, makahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe. Nendoda mayingahlukani nomfazi wayo. 12Manje-ke kwabanye ngithi, kungasho yona iNkosi ukuthi, uma umzalwane enomfazi ongakholwa, yena evuma ukuhlala naye, makangamlahli. 13Kanjalo nomfazi, uma enendoda engakholwa, yona ivuma ukuhlala naye, makangayishiyi indoda. 14Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele. 15 Kepha uma ongakholwa ehlukana nomkakhe, makahlukane naye. Umzalwane noma umzalwanekazi ukhululekile kulokho, kodwa uNkulunkulu unibizile ukuba nibe nokuthula. 16 Ngokuba wena wesifazane, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho na? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?
Mayelana Nokuhlala Obizweni Obizelwe Kulo
17Kunye nje kuphela, ukuba yilowo nalowo ahambe njengalokhu iNkosi imabele, kube yilowo nalowo njengalokhu uNkulunkulu embizile. Ngiwayala kanjalo onke amabandla. 18Ukhona yini obizwe esesokile na? Makangabi njengongasokile. Ukhona yini obizwe engasokile na? Makangasoki. 19 Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, okubalulekile ngukugcina imiyalo kaNkulunkulu. 20Akube yilowo nalowo ahlale obizweni abizelwe kulo. 21 Ngabe ubizwe uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho, kodwa uma kwenzeka ukuba ukhululwe, sebenzisa lelo thuba. 22 Ngokuba lowo owabizelwa eNkosini eyisigqila, usengokhululekile weNkosi, ngokunjalo nalowo owabizwa engokhululekile, uyisigqila sikaKhristu. 23 Nina nathengwa ngenani elikhulu: ningabi yizigqila zabantu. 24Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokhu abizwe ekukho.
25Kepha maqondana nezintombi, anginawo umyalo weNkosi, kodwa ngibeka uvo lwami njengothembekileyo nowahawukelwa yiNkosi. 26 Ngakho-ke ngithi ngenxa yenkathazo ekhona, kuhle ukuba indoda ihlale injengalokhu injalo. 27Ngabe uboshelwe kumkakho na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumkakho na? Ungafuni omunye umfazi. 28 Kepha uma uganwa, awenzi sono, nentombi uma igana ayoni, kodwa abanjalo bayakuba nosizi enyameni, kepha mina ngiyaniphephisa.
29 Bazalwane, ngithi isikhathi sesisifushane; kusukela manje abaganiweyo mabafane nabangaganiwe, 30nabakhalayo mabafane nabangakhaliyo, abathokozayo mababe njengabangathokozi, abathengayo mababe njengabangenalutho, 31 nabasebenzisa leli lizwe mababe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli lizwe siyadlula.
32Kepha ngifuna ukuba ningakhathazeki. Ongaganiwe ukhuthalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi. 33 Kepha oganiweyo ukhuthalela okwezwe ukuba angamthokozisa kanjani umkakhe, 34unemicabango eyahlukene. Nongaganile, oyintombi, ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni. Kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuthi angayithokozisa kanjani indoda yakhe. 35Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho.
36Kepha uma umuntu ecabanga ukuthi wenza okungafanele entombini eyingoduso yakhe, uma isikhulile, makenze akubonayo, mabaganane uma kufanele ukuba kwenziwe kanjalo; akoni ngalokho. 37Kepha omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa yilutho, futhi eyibusa imizwa yakhe, makenze akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakuyiyeka ingoduso yakhe iyintombi, wenza kahle. 38Ngakho-ke oganwa yintombi eyingoduso yakhe, wenza kahle, kodwa ongaganwa yiyo wenza kahle kakhulu.
39 Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isaphila, kodwa uma isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokuthanda kwakhe, kuphela ukuba lokho kube seNkosini. 40Kepha ubusisekile kakhulu uma ehlala enjalo; lowo-ke ngumbono wami, futhi ngicabanga ukuthi ngiholwa nguMoya kaNkulunkulu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume