1 kwabaseKorinte 7

7
1 kwabaseKorinte 7
1Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.
2Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
3Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni.
4Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa.
5Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
6Kodwa lokhu ngikutsho ngemvume, kayisikho ngomlayo.
7Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.
8Ngakho ngithi kwabangashadile nakubafelokazi: Kuhle kubo, uma behlala njengami.
9Kepha uma bengenakuzibamba, mabashade, ngokuba kuhle ukuganwa kunokushiswa.
10Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda;
11Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo.
12Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli.
13Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi.
14Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.
15Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni.
16Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na?
17Kodwa njengalokho uNkulunkulu emabele yilowo nalowo, njengalokho iNkosi imbizile yilowo nalowo, makahambe kanjalo. ngiyala kanjalo emabandleni onke.
18Ukhona yini obizwe esokile? makangabi ngongasoki. Ukhona yini obizwe engasokile na? makangasoki.
19Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.
20Akube yilowo nalowo ahlale ekubizweni abizwe ekukho.
21Ubizwe uyisigqila na? ungakhathazeki, kepha uma ungakhululwa, kusebenzise kakhulu.
22Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi;
23Nithengwa ngenani; ningabi yizigqila zabantu.
24Bazalwane, yilowo nalowo makahlale kuNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.
25Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke.
26Ngakho ngithi kuhle lokhu ngenxa yokucindezeleka okukhona, ngithi kuhle kumuntu ukuba abe njalo.
27Uboshelwe emfazini na? ningafuni ukuthukululwa. Ukhululiwe emfazini na? ungamfuni umfazi.
28Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka.
29Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane;
30Labakhalayo babe njengabangakhaliyo; nabathokozayo, babe njengabangathokozi; nabathengayo, babe njengabangenalutho;
31nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.
32Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi;
33Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe.
34Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni;
35Lalokhu ngikutsho kube yinzuzo yenu; kungeyisikho ukuthi nginiphosele umjibila, kodwa ngokufaneleyo, lokukhonza iNkosi ngaphandle kokuthikamezeka.
36Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni;
37Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle.
38Ngakho-ke owendisayo wenza kahle; kodwa ongendisiyo wenza okungcono kakhulu.
39Umfazi uboshiwe ngomthetho ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile ukuba agane nendoda ayithandayo; eNkosini kuphela.
40Kodwa uthokoza kakhudlwana uma ehlala kanjalo ngokokubona kwami, futhi ngicabanga ukuthi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 7: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume