1 kwabaseKorinte 7:25-40

1 kwabaseKorinte 7:25-40 ZUL59

Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi. Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo. Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi. Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa. Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo, nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto, nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula. Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki. Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane. Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle. Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu. Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini. Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 7:25-40

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo