Mhubeleni uJehova igama elisha, ngokuba wenze izimangaliso; esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba. UJehova wazisile insindiso yakhe; ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe. Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu. Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa, nihlabelele ngenjabulo, nihube. Mhubeleni uJehova ngehabhu,* ngehabhu nangezwi lehubo. Ngamacilongo nangokukhala komtshingo hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova. Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo. Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihalalise kanyekanye ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.
Funda AmaHubo 98
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 98:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo