Ihubo. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; ngokuba wenze izimangaliso: isandla sakhe sokunene nengalo yakhe engcwele kumnike ukunqoba. UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe. Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu. Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke; Hlabelelani kuJehova ngensimbi; ngensimbi nangezwi lehubo. Khamulukani ngamacilongo nangecilongo phambi kukaJehova, iNkosi. Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo; umhlaba nabahlala kuwo. Imifula mayishaye ihlombe, amagquma ajabule kanyekanye phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.
Funda Amahubo 98
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 98:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo