Amahubo 98:1-9

Amahubo 98:1-9 CZB24

Ihubo. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; ngokuba wenze izimangaliso: isandla sakhe sokunene nengalo yakhe engcwele kumnike ukunqoba. UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe. Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu. Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke; Hlabelelani kuJehova ngensimbi; ngensimbi nangezwi lehubo. Khamulukani ngamacilongo nangecilongo phambi kukaJehova, iNkosi. Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo; umhlaba nabahlala kuwo. Imifula mayishaye ihlombe, amagquma ajabule kanyekanye phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.

Verse Images for Amahubo 98:1-9

Amahubo 98:1-9 - Ihubo. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; ngokuba wenze izimangaliso: isandla sakhe sokunene nengalo yakhe engcwele kumnike ukunqoba.
UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe.
Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.
Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke;
Hlabelelani kuJehova ngensimbi; ngensimbi nangezwi lehubo.
Khamulukani ngamacilongo nangecilongo phambi kukaJehova, iNkosi.
Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo; umhlaba nabahlala kuwo.
Imifula mayishaye ihlombe, amagquma ajabule kanyekanye
phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo