AmaHubo 98:1-9
AmaHubo 98:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba. USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe. Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu. Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo. Mhubeleni uSimakade ngehabhu, ngehabhu nangezwi lehubo, ngamacilongo nangokukhala komtshingo, hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uSimakade. Ulwandle maludume nakho konke okukulo, nezwe nabakhileyo kulo. Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihube ndawonye ngentokozo, phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.
AmaHubo 98:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mhubeleni uJehova igama elisha, ngokuba wenze izimangaliso; esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba. UJehova wazisile insindiso yakhe; ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe. Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu. Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa, nihlabelele ngenjabulo, nihube. Mhubeleni uJehova ngehabhu,* ngehabhu nangezwi lehubo. Ngamacilongo nangokukhala komtshingo hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova. Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo. Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihalalise kanyekanye ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.
AmaHubo 98:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; ngokuba wenze izimangaliso: isandla sakhe sokunene nengalo yakhe engcwele kumnike ukunqoba. UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe. Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu. Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke; Hlabelelani kuJehova ngensimbi; ngensimbi nangezwi lehubo. Khamulukani ngamacilongo nangecilongo phambi kukaJehova, iNkosi. Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo; umhlaba nabahlala kuwo. Imifula mayishaye ihlombe, amagquma ajabule kanyekanye phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.