AmaHubo 98

98
Umkhululi wakwa-Israyeli nomahluleli wezwe
Ihubo.
1 Mhubeleni uJehova igama elisha,
ngokuba wenze izimangaliso;
esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba.
2 UJehova wazisile insindiso yakhe;
ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe.
3 Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli;
imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.
4 Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa,
nihlabelele ngenjabulo, nihube.
5Mhubeleni uJehova ngehabhu,*
ngehabhu nangezwi lehubo.
6Ngamacilongo nangokukhala komtshingo
hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova.
7 Maludume ulwandle nokugcwala kwalo,
izwe nabakhileyo kulo.
8Imifula mayishaye ihlombe,
izintaba zihalalise kanyekanye
9 ebusweni bukaJehova,
ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.
Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 98: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo