AMahubo 98

98
Ukuhubela USimakade Ihubo Elisha Ngezimangaliso Zakhe
Ihubo
1Hubelani uSimakade ihubo elisha,
ngokuba wenze izimangaliso,
esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele
kumzuzele ukunqoba.
2USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe,
ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.
3Uwukhumbulile umusa wakhe
nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli.
Yonke imikhawulo yomhlaba
iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.
4Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke,
qhumukani, nihlabelele ngenjabulo,
nihube amahubo.
5Mhubeleni uSimakade ngehabhu,
ngehabhu nangezwi lehubo,
6ngamacilongo nangokukhala komtshingo,
hlokomani ngezwi lokuhalalisa
phambi kweNkosi uSimakade.
7Ulwandle maludume nakho konke okukulo,
nezwe nabakhileyo kulo.
8Imifula mayishaye ihlombe,
izintaba zihube ndawonye ngentokozo,
9phambi kukaSimakade,
ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba.
Uzolehlulela ngokulunga izwe,
nezizwe ngobuqotho.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 98: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo