AMahubo 97

97
Ukubusa Namandla KaSimakade
1USimakade uyabusa,
umhlaba mawuthokoze,
zethabe iziqhingi eziningi.
2Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama,
ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo
sesihlalo sakhe sobukhosi.
3Umlilo uhamba phambi kwakhe,
uzishwabadele nxazonke izitha zakhe.
4Imibani yakhe ikhanyisa umhlaba,
ukubona lokho umhlaba qede uthuthumele.
5Izintaba zincibilikisa okwengcina phambi kukaSimakade,
phambi kweNkosi yawo wonke umhlaba.
6Amazulu ashumayela ngokulunga kwakhe,
nezizwe zonke ziyayibona inkazimulo yakhe.
7Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe,
labo abazigabisa ngezithombe.
Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.
8IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile,
namadodakazi akwaJuda ayethaba,
ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade,
9ngokuba Wena Simakade
ungoPhezu kwawo wonke umhlaba,
uphakeme kakhulu,
ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
10Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi,
Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile,
abasindise ezandleni zezikhohlakali.
11Ukukhanya kukhanyisela olungileyo,
nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.
12Thokozani kuSimakade, nina balungileyo,
nibonge lapho nikhumbula ubungcwele bakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 97: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume