Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba. Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela. Bheka, olonda u-Israyeli akozeli, akalali. UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene. Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku. UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho. UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.
Funda AmaHubo 121
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 121:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo