AmaHubo 106:16-30

AmaHubo 106:16-30 ZUL59

Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu. Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi. Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe, izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu. Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise. Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe. Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova. Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane, awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni. Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo. Wayesesuka uFinehasi, wahlulela; saphela isifo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo