Baba nomona ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaSimakade. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abhiramu. Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi. Babumba ithole eHorebhe, bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu, bayifanisa nenkabi edla utshani. Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe, izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga. Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise. Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe. Bakhononda besemathendeni abo; abaze balihlonipha izwi likaSimakade. Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe, wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane, izizukulwane zabo azisakaze phakathi kwabezizwe, abahlakazele emazweni. Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Bamchukuluza ngezenzo zabo, kwaqubuka ubhubhane phakathi kwabo. UFinehasi wasukuma, wabanxusela, lwase luphela ubhubhane
Funda AMahubo 106
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 106:16-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo