Amahubo 106:16-30

Amahubo 106:16-30 CZB24

Banomhawu ngoMose ekamu no-Aroni ongcwele kaJehova. Umhlaba wavuleka wamgwinya uDathani, wasibekela isixuku sika-Abiramu. Kwavutha umlilo ebandleni labo; ilangabi lashisa ababi. Benza ithole eHorebe, bakhuleka esithombeni esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo yabo yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe; Izimangaliso ezweni likaHamu nezinto ezesabekayo oLwandle Olubomvu. Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi. Yebo, balidelela izwe elihle, abakholwanga yizwi lakhe. Kepha bakhonona ematendeni abo, kabalilalelanga izwi likaJehova. Ngakho wabaphakamisela isandla sakhe ukuze abawise enkangala. Ukuze awise inzalo yabo phakathi kwezizwe, ibahlakazele emazweni. Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo. Basebemthukuthelisa ngemisebenzi yabo, kwavela isifo phezu kwabo. Khona-ke uFinehasi wasukuma wenza isahlulelo, futhi isifo saphela.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo