AmaHubo 106

106
Ukuhlubuka kuka-Israyeli nokuthembeka kukaJehova
1 Haleluya!
Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova,
azwakalise lonke udumo lwakhe, na?
3Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe,
owenza ukulunga ngezikhathi zonke.
4Ngikhumbule, Jehova,
ngomusa onawo kubantu bakho,
ungihambele ngensindiso yakho,
5ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho,
ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho,
ngizibonge kanye nefa lakho.
6 Sonile kanye nawobaba;
senzile okubi, sonakala.
7 Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,
abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;
bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.
8Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,
ukuze abonakalise amandla akhe.
9 Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha;
wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10Wabasindisa esandleni sababazondayo,
wabakhulula esandleni sesitha.
11Amanzi asibekela izitha zabo;
akwasala noyedwa kubo.
12 Khona bakholwa ngamazwi akhe,
bahlabelela udumo lwakhe.
13Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,
abalindelanga isiluleko sakhe.
14 Bahaha nokuhaha ehlane,
bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.
15 Wabanika abakufisayo,
kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.
16 Baba nomhawu ngoMose ekamu,*
nango-Aroni ongcwele kaJehova.
17 Umhlaba wavuleka,
wamgwinya uDathani,
wagqiba iviyo lika-Abiramu.
18Kokheleka umlilo eviyweni labo;
ilangabi lashisa laqeda ababi.
19 Benza ithole eHorebe;
bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.
20 Baguqula kanjalo inkazimulo yabo,
yaba njengenkabi edla utshani.
21Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo
owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,
22 izimangaliso ezweni likaHamu
nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.
23 Wathi ubezakubabhubhisa,
uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela,
ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
24 Badelela izwe elihle,
babengakholwa yizwi lakhe.
25Bakhonona besematendeni abo;
babengalaleli izwi likaJehova.
26 Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo
ukuba abawise ehlane,
27 awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe,
abahlakaze emazweni.
28 Bazihlanganisa noBali Peyori,
badla okuhlatshelwe abafileyo.
29Bamcunula ngezenzo zabo;
kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
30 Wayesesuka uFinehasi, wahlulela;
saphela isifo;
31 lokhu wakubalelwa njengokulunga
ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32 Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;
kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33 Ngokuba baphambana noMoya wakhe;
wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34 Abababhubhisanga abantu
uJehova abayaleza ngabo,
35 kepha bahlangana nabezizwe,
bafunda imisebenzi yabo.
36Bakhonza izithombe zabo,
zaba lugibe kubo.
37 Amadodana namadodakazi abo
bawahlabela amademoni.
38 Bachitha igazi elingenacala,
igazi lamadodana abo namadodakazi abo
abawahlabela izithombe zaseKhanani;
izwe langcoliswa yigazi.
39Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo,
baphinga ezenzweni zabo.
40Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe;
ifa lakhe laba yisinengiso kuye.
41 Wabanikela esandleni sabezizwe;
ababazondayo bababusa.
42Izitha zabo zabacindezela,
bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
43Kaningi wabakhulula;
kepha bahlubuka ngecebo labo,
bawiswa phansi ngobubi babo.
44Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo,
esezwile ukukhala kwabo.
45 Wabakhumbulela isivumelwano sakhe;
waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.
46Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.
47 Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu,
sibuthe kwabezizwe
ukuba sidumise igama lakho elingcwele,
sethabe ekukudumiseni.
48Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli
kusukela phakade kuze kube phakade.
Abantu bonke mabathi: “Amen.”
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 106: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo