U-Eksodusi 31:12-18

U-Eksodusi 31:12-18 ZUL59

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo. “ ‘Gcinani isabatha, ngokuba lingcwele kini; yilowo nalowo olonayo uyakubulawa nokubulawa, ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo. Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa. Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade. Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ” Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo