U-Eksodusi 31

31
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda. 3Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke, 4ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, 5nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke. 6Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho: 7 itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende, 8netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, ne-altare lempepho, 9ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, 10nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi, 11namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”
Umyalelo wesabatha
12UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 13 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.
14 “ ‘Gcinani isabatha, ngokuba lingcwele kini; yilowo nalowo olonayo uyakubulawa nokubulawa, ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo. 15 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa. 16Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade. 17Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ”
18 Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Eksodusi 31: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo