I-Eksodusi 31:12-18

I-Eksodusi 31:12-18 ZUL20

USimakade wathi kuMose: “Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo. Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu. Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa. Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bayoligcina isabatha, bayoligcina izizukulwane ngezizukulwane njengesivumelwano saphakade. Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ” USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo