UEksodusi 31:12-18

UEksodusi 31:12-18 CZB24

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Khuluma futhi kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyawagcina amasabatha ami, ngokuba ayisibonakaliso phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu; ukuze nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo. Ngakho anogcina isabatha; ngoba lingcwele kini; oyingcolisayo wobulawa nokubulawa; ngoba noma ubani owenza noma yimuphi umsebenzi kulo, lowo mphefumulo kumelwe unqunywe phakathi kwabantu bakubo. Izinsuku eziyisithupha kusetshenzwa; kepha ngosuku lwesikhombisa yisabatha, lingcwele kuJehova; yilowo nalowo owenza noma yimuphi umsebenzi ngosuku lwesabatha wobulawa nokubulawa. Ngakho-ke abantwana bakwa-Israyeli kumelwe bagcine isabatha ukuze bagcine isabatha ezizukulwaneni zabo njengesivumelwano esiphakade. Lokhu kuyisibonakaliso phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, futhi ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka. Ngemva kokuba eseqedile ukukhuluma naye entabeni yaseSinayi wamnika uMose izibhebhe ezimbili zobufakazi, izibhebhe zamatshe ezilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo