NgokukaJohane 4
4
UJesu Nowesifazane WaseSamariya
1Kwathi ukuba uJesu ezwe ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uthola abafundi, futhi abhabhadise abaningi kunoJohane, 2nakuba uJesu uqobo ayengabhabhadisi, kodwa kwakubhabhadisa abafundi bakhe, 3wayesesuka eJudiya, wabuyela eGalile.
4Kwakufanele ukuba adabule eSamariya. 5 Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe. 6Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
7Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.”
8Abafundi bakhe babesahambile beyothenga ukudla emzini.
9 Owesifazane waseSamariya waphendula, wathi: “Kungenzeka kanjani ukuba Wena ungumJuda, ucele kimi engingowesifazane waseSamariya ukuba ngikuphuzise na?”
Phela abaJuda abadlelani namaSamariya.
10 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”
11Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, awuphethe sitsha sokukha, kanti umthombo ujulile. Pho uwathathaphi lawo manzi aphilayo na? 12 Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?”
13 UJesu waphendula, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakuphinde ome. 14 Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”
15Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuze ngingaphinde ngome, futhi ngingabe ngiseza lapha ukuzokha amanzi.”
16UJesu wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze nayo lapha.”
17Owesifazane waphendula, wathi: “Anginandoda.”
UJesu wathi kuye: “Usho kahle uma uthi: ‘Anginandoda,’ 18ngokuba sewuke waba namadoda ayisihlanu, nale onayo manje akusiyo eyakho. Lokhu okushoyo kuyiqiniso.”
19 Owesifazane wathi: “Nkosi, sengiyabona ukuthi Wena ungumphrofethi. 20 Okhokho bethu babekhonza uNkulunkulu kule ntaba, kepha nina nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhonzelwe khona.”
21UJesu wathi kuye: “Sifazane, ngikholwe. Siyeza isikhathi lapho ningasayukumkhonza uBaba kule ntaba naseJerusalema. 22 Nina nikhonza eningakwaziyo, kodwa thina sikhonza esikwaziyo, ngokuba insindiso ivela kubaJuda. 23Kepha isikhathi siyeza, sesifikile manje, lapho abakhonza ngokweqiniso beyakumkhonza uBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abamkhonza kanjalo. 24 UNkulunkulu unguMoya, ngakho-ke abamkhonzayo kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.”
25Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya, okuthiwa nguKhristu uyeza; uma esefikile uyakusitshela konke.”
26 UJesu wathi kuye: “Nginguye Mina engikhuluma nawe.”
27Ngaleso sikhathi kwase kufika abafundi bakhe, bamangala lapho bemfica ekhuluma nowesifazane. Kepha akekho noyedwa owabuza, wathi: “Ufunani na?” noma “Ukhulumelani nowesifazane na?”
28Owesifazane washiya imbiza yakhe yamanzi, waya emzini, wathi kubantu: 29“Wozani nizobona umuntu ongitshele konke engikwenzileyo. Ngabe lona akusiye uKhristu na?”
30Baphuma emzini, beza kuJesu.
31Khona manjalo, abafundi bamncenga, bethi: “Rabi, yidla.”
32Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo nina.”
33Abafundi base bekhuluma bodwa, bethi: “Ngabe kukhona yini omlethele ukudla na?”
34 UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe. 35Anejwayele yini ukuthi sekusele izinyanga ezine kuvunwe. Lalelani-ke, ngithi kini: phakamisani amehlo enu nibone ukuthi amasimu asemhlophe, alungele ukuvunwa. 36Lowo ovunayo uthola umvuzo, aqoqe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuze ohlwanyelayo athokoze novunayo. 37Ngokuba kulokhu liqinisile izwi elithi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’ 38Mina nganithumela ukuba nivune lokho eningakusebenzanga. Abanye basebenzile, nina-ke senizuza ngezithukuthuku zabo.”
39AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa kuJesu ngenxa yezwi lowesifazane owafakaza, wathi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.”
40Ngakho-ke athi amaSamariya esefikile kuye, amncenga ukuba ahlale nawo. Wahlala lapho izinsuku ezimbili. 41Abaningi kakhulu bakholwa ngenxa yezwi lakhe.
42 Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yokuba sitshelwe nguwe, kodwa sesizizwele ngokwethu, sesiyazi ukuthi lo impela unguMsindisi wezwe.”
AbaseGalile Bamukela UJesu
43Emva kwezinsuku ezimbili, uJesu wasuka lapho, waya eGalile. 44 Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ukuthi umphrofethi akahlonishwa ezweni lakubo. 45 Kuthe esefikile eGalile, abaseGalile bamamukela, njengalokhu babekubonile konke akwenzayo eJerusalema ngomkhosi, ngokuba nabo babeyile emkhosini.
Ukuphiliswa Kwendodana Yenduna YaseKhaphernawume
46 Ngakho-ke waphinda waya eKhana eGalile, lapho aguqula khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi eyayigulelwa yindodana yayo eKhaphernawume. 47Kwathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehlele eKhaphernawume aphilise indodana yayo, ngokuba yayisizokufa.
48 Ngakho-ke uJesu wathi enduneni: “Ngaphandle kokuba nina nibone izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
49Induna yenkosi yathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.”
50UJesu wathi kuyo: “Hamba, indodana yakho isiphilile.”
Induna yakholwa yizwi uJesu alikhuluma kuyo, yahamba. 51Kwathi isehla, izinceku zayo zayihlangabeza, zathi: “Umntanakho uphilile.”
52Yazibuzisisa izinceku isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono.
Zathi-ke kuyo: “Umkhuhlane umyeke izolo ngehora lesikhombisa.”
53 Ngakho-ke wazi ukuthi yilelo hora uJesu asho ngalo kuye wathi: “Indodana yakho isiphilile.”
Wakholwa nomndeni wakhe wonke.
54 Lesi yisibonakaliso sesibili uJesu asenza eGalile, esebuyile eJudiya.
Currently Selected:
NgokukaJohane 4: ZUL20
Qaqambisa
Share
Copy
Ufuna ukuba iimbalasane zakho zigcinwe kuzo zonke izixhobo zakho? Bhalisela okanye ngena
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.