Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 3 KWEZINGU- 70

U-Imanuweli

Abaprofethi beTestamente Elidala babengazi ukuthi amazwi abo ayezokwenzeka nini; bamane babhala lokho uMoya kaNkulunkulu owabakhombisa kona. Ngakho lapho u-Isaya ebhala, “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayakuyiqamba igama lokuthi u-Imanuweli” (NgokukaMathewu. 1:23; cf. Isaya. 7:14), wayengazi kwakuyekwenzeka nini.

U-Imanuweli usho ukuthi “uNkulunkulu unathi.” Ukuba khona kukaJesu emhlabeni kwakuyisinyathelo sokuqala sokuvuselela ukusondelana komuntu owalahleka eNsimini yase-Edeni. Impilo yakhe kwakuwukubonakaliswa kukaNkulunkulu mathupha ngenhloso yothando ngathi. Namuhla, singajabula ngesibusiso esingenakuqhathaniswa sokuphila ngokugcwaliseka kwesithembiso iNkosi eyasinika umhlaba ngo-Isaya eminyakeni eyizinkulungwane eyedlule.

Ongakwenza: Jabulela ubukhona Bakhe: Bukela ibhayisikobho yakho eyintandokazi kaKhisimusi bese ucela uMoya oNgcwele ukuthi uveze okuthile okusha ngemvelo kaNkulunkulu ngayo.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18