Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 2 KWEZINGU- 70

UJesu Wayeyisithembiso SikaNkulunkulu

Umprofethi emva komprofethi wabikezela ukuza kukaMesiya. Amasiko amaningi nemikhosi yakwa-Israyeli kwakuyizithunzi zezinto ezazizofika nokuvela Kwakhe. Kodwa ngokudlula kweminyaka, impilo yabonakala iqhubeka njengenjwayelo ngaphandle kokuphazanyiswa nguNkulunkulu ngokwakuthenjisiwe. Ingabe amazwi kaNkulunkulu kubantu Bakhe ayeyizithembiso eziyize nje? Ingabe bonke abaprofethi babenephutha? Ngabe umuntu wayedalelwe ukuhlala emaketangeni esono nobugqila?

Kwathi-ke ngosuku olwaqala njenganoma yiluphi olunye, lokho kuphazanyiswa okuhle kukaNkulunkulu kweza ngesimo sengane eyayizoshintsha isiphetho soluntu. Kubo bonke labo ababesamlindile, uJesu weza ngokuthula nangaphandle kokuphakama. Kepha ngosuku lokuzalwa Kwakhe, umhlaba washintsha kakhulu. Akukho lutho olwaluzophinda lufane nakuqala.

Ongakwenza: Cabanga ngobufakazi bakho. Bhala phansi izindlela ezithile impilo yakho ezashintsha ngazo ngenkathi wamukela uJesu. Yabelana ngalo nomuntu okholwa naye ukuze umkhuthaze okholweni.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18