Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 7 KWEZINGU- 70

Ubudlelwano Bokuqala NoNkulunkulu

Umsebenzi kaNkulunkulu wothando waqala ngisho nangaphambi kweNsimu yase-Edeni. Ngaphambi kokusekelwa komhlaba, waqhubekela phambili waya enhlosweni eyodwa: ukubuyiselwa kobudlelwano Bakhe bokuqala nomuntu.

Ngaphambi kokuba baxoshwe eNsimini, u-Adam no-Eva banikezwa izembozo ezenziwe ngezikhumba zezilwane. Lesi senzo sikaNkulunkulu — ukunikela ngempilo yalezi zilwane ukumboza amahloni omuntu — kwakuyisibonakaliso somhlatshelo wesikhathi esizayo kaKristu, owasinikeza insindiso yangempela nephelele.

UJesu weza emhlabeni ngenxa yothando. Ngomhlatshelo wakhe omkhulu, sibuyiselwa endaweni yethu yokuqala yokuhlangana noMdali wethu.

Ongakwenza: Ngabe kukhona omaziyo ongazizwa esekhaya esontweni? Bameme ukuba baye enkonzweni elandelayo nawe ukuze bangazizwa bebodwa.

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18