Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula
Uthando Olungenamkhawulo
Izwe lethu lamanje alihlukile kakhulu kulelo uJesu azalelwa kulo. Iziyaluyalu zezombangazwe, impi, ingcindezelo nosizi lwaluyizinto zansuku zonke emuva ngaleso sikhathi — njengoba kunjalo namanje. Abantu besikhathi Sakhe babefuna izinto ezifanayo nesizilangazelelayo namuhla: ukuthula, uthando, ukuvikeleka, kanye nomuzwa wenjongo.
UJesu weza ukuzoziveza njengendlela yokuthi inhliziyo yomuntu ithole ukuthula kweqiniso, ukwaneliseka, nothando oluhlala kuze kube phakade. Noma ngubani ophilela kuphela ukwaneliseka emhlabeni uyazi ukuthi umuzwa wakho uhlala udlula njalo. Kodwa akukho okukwazi ukugwalisa isikhala sangaphakathi.
Uthando olwanelisa umphefumulo, olungenamibandela uJesu oweza ukusinika lona lungolwethu uma simanga futhi samukela isipho sakhe asinike ngesihle. Futhi othandweni Lwakhe, sithola lokho ebesikade sikufuna njalo.
Ongakwenza: Bheka izibani zikaKhisimusi ezungeze idolobha nomndeni wakho.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini
More