Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi Isampula

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Usuku Lwesihlanu: Themba Ukuthembeka Kwakhe:

“Uyangethemba?”

Lowo mbuzo ubhekana nathi nsuku zonke, kusukela ngesikhathi esivuka ngaso kuze kube sesikhathini sokulala. Ngoba ukwethemba kusho ukuphumula, futhi ukuphumula kusho ukwethemba.

Cabanga: Angeke ufake isisekelo sesihlahla sakho sikaKhisimusi esitendini esishoda ngomlenze, futhi ngeke ucele umuntu ohlale ephuza ukufika ukukulethela ukudla ephathini likaKhisimusi .

Noma siyazi noma cha, sihlala sihlola ukuthembeka kwezinto nabantu abasizungezile. Senza into efanayo ebudlelwaneni bethu noNkulunkulu, ngokulinganisa ukuthi singamnika okungakanani.

Noma ngabe yimali yethu, ubudlelwano obuphukile, izinhlungu ezifihliwe, noma amaphupho esikhathi esizayo, sihlola ukuthembeka kukaNkulunkulu esikhathini esedlule ukunquma ukuthi singamethemba noma cha manje.

Kepha kuphakathi kwalesi sikhathi sokuba matasa kweholide lapho ukuthembela noma ukungathembani kwethu kubonakala kakhulu.

…Sizithola sidla yonke inhlobo yezibiliboco uma singamthembi uJesu Isinkwa Sokuphila osisuthisayo ekujuleni.

…Sizokhathazakwa ngomntwana owahamba ekhaya uma singamthembi uJesu Umalusi Omuhle obuyisa izimvu ekhaya.

…Sivumela umzwangedwa uma singamthembi uJesuu-Imanuweli, uNkulunkulu ohlala nathi uma sisodwana.

…Sizoshikashikeka ngokwenza uKhisismusi omuhle uma singamthembi uJesuOngcwele kaNkulunkulu osiphelelisayo.

Isikhathi ngasinye ithuba elisha lokuthemba ukwethembeka kukaNkulunkulu ngezindlela ezincane eziyizigidi, futhi konke kuqala ngokufunda ukuphumula.

Kunganjani uma esikhundleni sokuphithizela singangene ezinsukwini zethu ezimatasa, siqala njalo ekuseni ngomkhuba olula wokuphumula? Masenze, njengoba kwenza umhubi, siyala imiphefumulo yethu ukuthi ithole ukuphumula kuye yedwa: sikhumbule imisebenzi yaKhe nobuhle baKhe, ukuveza ukumdinga kwethu okuphelelisiwe, ukuthulisa izingqondo nezinhliziyo zethu ebukhoneni Bakhe, nokumemezela ukuzethemba kwethu kuye. Ukwethembeka kwakhe.

Ngoba Lowo owakhuluma umhlaba wabakhona kodwa weza esewusana olungenakuzisiza ngalobo busuku obungcwele, obunenjabulo, buthule, angakhuluma ukuzola nokuthula ezimpilweni zethu namhlanje.

Imibuzo Yokuzindla: WYimaphi amagama kaJesu akhuluma nawe nezinselelo ezithile obhekene nazo empilweni yakho? Kubukeka kanjani ukuthembela nokuphumula kuNkulunkulu kulesi sikhathi sikaKhisimusi? Yini obungayenza ngokuhlukile?

Ukuna Okunye? Download-a i Unwrapping the Names of Jesus bundle abese uthola i-Names of Jesus prayer journal, i-Rest prayer bookmark, ne-printable Prayer for Christmas Rest.


Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

Isikhathi senjabulo, futhi isikhathi sokubamatasa. Thatha umzuzwana wokuphumula nokudumisa ozokugcina ngalesisikhathi senjabulo nentsebenzo. Loluhlelo lokuzinikela lusekelwe incwadi ethi Unwrapping the Names of Jesus: An Advent Devotional, loluhlelo lokufunda lwezinsuku eziwu-5 luzoba umhlahlandlela wokuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi ngokuthatha umzuzwana woku khumbula ubuhle bakhe, ukuveza izidingo zakho, nokufuna ukuthula kwakhe, futhi uthembe ukwethembeka kwakhe.

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://onethingalone.com/advent