Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi Isampula

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Usuku Lwesine: Funa Ukuthula Kwakhe

Ngabe wake wezwa ukuthi uMoya oNgcwele ukukhuthaza ukuthi uthathe ikhefu kumalungiselelo eholide yikhona uzohlala isikhashana ebukhoneni bukaJesu, kodwa wena bese ugxila emsebenzini olandelayo ohlwini lwakho?

Ngiyazi wake wakwenza lokhu.

Sivame ukuziphusha ngejubane, sivuka ekuseni kakhulu sihlale kuze kube sebusuku, sikhama njalo ihora lokukhanya lwansuku zonke ngayo yonke indlela. Emva kwalokho sikhathale kakhulu ngokuphithizela kwethu, singakwazi nokubuthokozela ubuhle besizini.

Futhi kwesinye isikhathi, lokhu kuba matasatasa kuyindlela nje yokufihla ubuhlungu obujulile. Uma nje singakwazi ukuzigcina simatasa, ngeke kudingeke ukuthi sivumele amanxeba akhubazayo esiwaphethe. Siyakwesaba ukuthula, ngakho-ke asishiyi msebenzi ungenziwe, noma ngabe ukuba matasatasa kwethu kungasiphithanisa ikhanda.

Noma kunjalo impendulo ayikhiphi amasiko ethu ngefasitela. Esikhundleni salokho, kufanele sifake izikhathi zokuthula ekubeni matasatasa ukuze sisebenze sisuka endaweni yokuphumula. Iqiniso ukuthi insindiso kaNkulunkulu iza kithi lapho siphenduka futhi siphumula, amandla Akhe siwathola lapho sithule futhi sithembele.

Ngalesi sikhathi sikaKhisimusi, yiba nesibindi sokuthula, noma ngabe imizuzu emibili ngosuku. Letha uhlu lwakho lwezinto okufanele ukwenze eNkosini ulubeke ezinyaweni Zakhe. Jabulela ubuhle bokuba khona Kwakhe njengoba ucabanga ngamagama Akhe futhi umvumele ukuthi aphulukise ubuhlungu obukhulu.

Memezela ubukhosi bakhe ngempilo yakho; zwakalisa ukumdinga kwakho, futhi uvumele ukuthula. Methamele.

Ungu-Imanuweli — uNkulunkulu Unathi. Uyabona. Uyazi. Uyezwa. Mvumele akuthulise ngothando lwaKhe.

Umkhuleko: Thulisa inhliziyo yami ngothando Lwakho, Nkosi. Khuluma ukuthula Kwakho ngempilo yami njengoba Wakhuluma ukuthula phezu kwamanzi anesiphepho. Letha uphulukiso ebuhlungwini benhliziyo yami ekulahlekelweni kothandekayo, ekubekezeleleni usizi nasekuhlukumezekeni, kusuka emathembeni abhujisiwe namaphupho abhujiswa. Wena, Ukuvuka Nokuphila, phefumula impilo entsha kulezi zingxenye ezifile zomphefumulo wami. Yenza ithemba elisha kimi ngekusasa. Ngifundise ukuthula ngithole ubukhona bakho obunikeza impilo. Amen.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

Isikhathi senjabulo, futhi isikhathi sokubamatasa. Thatha umzuzwana wokuphumula nokudumisa ozokugcina ngalesisikhathi senjabulo nentsebenzo. Loluhlelo lokuzinikela lusekelwe incwadi ethi Unwrapping the Names of Jesus: An Advent Devotional, loluhlelo lokufunda lwezinsuku eziwu-5 luzoba umhlahlandlela wokuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi ngokuthatha umzuzwana woku khumbula ubuhle bakhe, ukuveza izidingo zakho, nokufuna ukuthula kwakhe, futhi uthembe ukwethembeka kwakhe.

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://onethingalone.com/advent