Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi Isampula

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Usuku Lwesithathu: Veza Ukudinga Kwakho:

“Ngiyabonga, kepha ngiyakwazi ukukwenza.”

HWake wasenqaba isipho sokusizwa, yize wawudinga ngempela?

Kwesinye isikhathi kunzima ukuvuma ukuthi asikwazi ukwenza konke ngokwethu. Phakathi nawo wonke amalungiselelo ethu kaKhisimusi, lokhu kwesinye isikhathi kuphumela ekukhathaleni nasekucingeni. Kepha lokhu kuzanelisa kungaba yingozi ezimpilweni zethu zikamoya.

Iqiniso ukuthi siyamdinga uJesu. Kepha kaningi siphila impilo yethu sengathi singakwazi ukuziphilela sodwa. Kuze kube yilapho sithatha isikhathi sokucabanga ngobuhle bukaNkulunkulu — ubungcwele baKhe, uthando Lwakhe nomusa, Umhlatshelo Wakhe wokuhlawulelwa — lapho sibona khona ukuthi simdinga kakhulu kangakanani. Kunobuthakathaka obuza nokuvuma isidingo sethu, kodwa uJesu uthembisa ukuthi labo abampofu emoyeni, abanenhliziyo emnene, nabomele ukulunga, bavuzwa ngokuningi kukaNkulunkulu uqobo.

Kuvela ukuthi ukuveza ukuswela kwethu yiyona ndlela yokwamukela ingcebo ekhazimulayo kaKristu Jesu uNkulunkulu asilungiselele yona.

Umhubi ubiza abantu bakaNkulunkulu ukuthi bakhonze, bakhothame, futhi baguqe phambi koMenzi wabo. Igama lesiHeberu elisho ukukhonza lisho ukuwa phansi noma ukukhothama. Ngokomzimba, lokhu kusho ukuguqa ngamadolo ekuvumeni ukuba yiNkosi kukaJesu; ngokomoya, kusho ukunikela ngakho konke esiyikho kukho konke Ayikho Yena.

Lolu hlobo lokulungiswa kwemibono lungenzeka kuphela lapho siqala ukuchitha isikhathi ukuqaphela ubukhulu bukaNkulunkulu; ukukhonza kusenza sibe nombono ofanele ngoNkulunkulu, okusishukumisela ekuvumeni izono nasekuphendukeni.

UJesu ufanekisa leli phuzu elifanayo lapho ezibiza ngoMvini, nabafundi Bakhe ngamagatsha. “Ngaphandle kwami, aninakwenza lutho,” ebatshela. “Kodwa hlalani kimi […] nizothela izithelo eziningi.” Ngokumangazayo, uJesu akasibizi ukuthi sisebenze kanzima ukuze sithele kakhulu; kunalokho, Usibiza ukuba sihlale kuYe, simlinde. Labo abahlala bexhumene Naye ngokwemvelo bazothela izithelo eziningi, ngoba uMoya Wakhe Nguye othela isithelo.

Vumela isidingo sakho sokuthi uJesu alethe ukuphumula nokuzola kulo Khisimusi. Ingcindezi ivaliwe. Awudingi ukukwenza konke uwedwa. Eqinisweni, udinga nje ukuphumula.

Imibuzo Yokuzihlola: Ukumbona uJesu engiMvini kwenza uzizwe kanjani? Yimaphi amanye amagama kaJesu akushukumisela ukuba ubone isidingo sakho ngaye? Iyiphi indlela eyodwa ongabonisa ngayo ukuswela kwakho uphumule Kuye namuhla?

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

All Is Calm: Receiving Jesus' Rest This Christmas

Isikhathi senjabulo, futhi isikhathi sokubamatasa. Thatha umzuzwana wokuphumula nokudumisa ozokugcina ngalesisikhathi senjabulo nentsebenzo. Loluhlelo lokuzinikela lusekelwe incwadi ethi Unwrapping the Names of Jesus: An Advent Devotional, loluhlelo lokufunda lwezinsuku eziwu-5 luzoba umhlahlandlela wokuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi ngokuthatha umzuzwana woku khumbula ubuhle bakhe, ukuveza izidingo zakho, nokufuna ukuthula kwakhe, futhi uthembe ukwethembeka kwakhe.

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://onethingalone.com/advent