Uyini Umbhabhadiso? Uhlelo Lwezinsuku Ezingu-3 Zokulungiselela Noma UkunqumaIsampula

What Is Baptism? A 3-Day Plan To Prepare Or Decide

USUKU 2 KWEZINGU- 3

Ingabe kufanele ngibhabhadiswe ngempela? 

Lowo mbuzo kungenzeka ugijima ekhanda lakho njengamanje—futhi lokho kulungile! Umbhabhadiso uyisinyathelo esilandelayo esibalulekile ohambweni lwethu lokholo, futhi akufanele siwuthathe kalula. 

Umbhabhadiso lumayelana nokuphumela obala ngokholo lwakho. Uma uzinikele ekulandeleni uJesu, sekuyisikhathi sokuphumela obala. 

Uma ungumlandeli kaKristu, nazi izizathu ezimbili zokuba ubhabhadiwwe: 

  1. Ujesu wabhabhadiswa, futhi ufuna ukuba sibhabhadise abanye. KuMathewu 3:13-17, sifunda ngesikhathi uJesu ngokwakhe abhabhadiswa ngaphambi kokuba aqale inkonzo yakhe emhlabeni. Uma iNdodana kaNkulunkulu yashisekela ukubhabhadiswa, nathi kufanele senze kanjalo. Kamuva, uJesu wasitshela kuMathewu 28:18-20 ukuthi ufuna sifafaze umlayezo wakhe wothando. Wasitshela ukuthi siqhubeke sibhabhadise futhi sibhabhadiswe! 
  2. Unqume ukulandela uJesu futhi ufuna abantu bazi ngakho. Ukwenza isinqumo sokuba umlandeli kaKristu kuyisinqumo esingcono kakhulu owake wasenza. Lapho wenza isinqumo esishintsha impilo njengalesi, ufuna ukutshela wonke umuntu ngethemba elisha olitholile kuJesu! Ukukholwa kwethu kufanele kube okomuntu siqu, kodwa kungabi okwangasese. Umbhabhadiso umayelana nokuphumela obala ngokholo lwakho.

Namuhla sixoxe ngezizathu ezimbili ezibalulekile zokuba ubhabhadiswe. Kusasa, sizokhuluma ngalokho okwenzekayo uma usuthathe isinqumo sokuphumela obala ngokholo lwakho ngokubhabhadiswa. 

Inselelo: Uma unqume ukubhabhadiswa, tshela umngani omethembayo noma umelusi ngesinqumo sakho. Bangakujabulela kakhulu ukugubha nawe! 

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

What Is Baptism? A 3-Day Plan To Prepare Or Decide

Uyini umbhabhadiso? Ingabe kufanele ngibhabhadiswe? Kungani ubalulekile? Ingabe kufanele ngibhabhadiswe ukuze ngibe umKristu? Akukhathalekile ukuthi unemibuzo mayelana nokubhabhadiswa noma ufuna isifundo esifushane ongasifunda ngaphambi noma ngemva kokubhabhadiswa, loluhlelo lwe-Life.Church lulungele ukuqala namuhla. 

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church