Uyini Umbhabhadiso? Uhlelo Lwezinsuku Ezingu-3 Zokulungiselela Noma UkunqumaIsampula

What Is Baptism? A 3-Day Plan To Prepare Or Decide

USUKU 1 KWEZINGU- 3

Uma ufunda lolu hlelo lweBhayibheli, cishe ufuna ukwazi ngokubhabhadiswa, usuhlelela ukubhabhadiswa, noma usanda kubhabhadidwa futhi usenemibuzo. Kungakho sizochitha izinsuku ezimbalwa ezizayo sizwe ukuthi lithini iBhayibheli ngombhabhadizo nokuthi kungani ubalulekile. 

Okokuqala, kunezinto ezimbalwa ezibalulekile okufanele uzazi: 

  1.  Umbhabhadiso akuwona okusindisayo. Umbhabhadiso uwuphawu lwangaphandle loshintsho oseluvele lwenzekile enhliziyweni yakho. usengakwazi ukulandela uJesu ngaphandle kokubhabhadiswa, futhi uma wamukele uJesu njengeNkosi noMsindisi wakho, uzohlala ingunaphakade Naye, noma ungabhabhadidwanga. Kwabase-Efesu 2:8-9, uPawulu usikhumbuza ukuthi asisindiswa nganoma yimiphi imisebenzi emihle—okuhlanganisa nokubhabhadiswa—kodwa kuphela ngomusa ngokukholwa kuJesu.       
  2.  Umbhabhadiso u luphawu. Kubantu abashadile, izindandatho zomshado ziwuphawu olubalulekile. Indandatho yomshado itshela wonke umuntu ukuthi ushadile, kodwa indandatho yomshado akuyona into eyenza abantu bashade. Eqinisweni, uma omunye wabo elahlekelwa indandatho yakhe yomshado, basashadile! Umbhabhadiso uyindlela efanayo. kuwuphawu lokuthi singabakaJesu futhi sinikele ukuphila kwethu Kuye. 

Manje usuyazi ukuthi ukubhabhadiswa kuyini. Kusasa, sizoxoxa kungani kufanele sibhabhadiswe. 

Inselelo: Chitha imizuzu embalwa emthandazweni namuhla futhi ucele uNkulunkulu ukuthi aqhubeke embule uthando Lwakhe kuwe. 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

What Is Baptism? A 3-Day Plan To Prepare Or Decide

Uyini umbhabhadiso? Ingabe kufanele ngibhabhadiswe? Kungani ubalulekile? Ingabe kufanele ngibhabhadiswe ukuze ngibe umKristu? Akukhathalekile ukuthi unemibuzo mayelana nokubhabhadiswa noma ufuna isifundo esifushane ongasifunda ngaphambi noma ngemva kokubhabhadiswa, loluhlelo lwe-Life.Church lulungele ukuqala namuhla. 

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church