UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula
Empilweni yonke kaElisha, sibona izimangaliso eziningi azenza zicishe zifane nalezo ezenziwa uJesu. Kwincwadi 2 Amakhosi 4:8-37, uElisha wenza enye yezimangaliso ngokuphulukisa indodana yowesifazane waseShunemi. Uma uElishaehlangana nalowesifazane okokuqala uthokozizwa ububele bakhe nokunakekela kwakhe aze ahlose ukumnika lokho ayekufuna kunakho konke, umntwana. UNkulunkulu unika lowesifazane umntwana, kodwa emva kweminyaka umfana uyafa bese lowesifazane ucela usizo lukaElisha ukumbuyisa. Zimbili izinto ezimangazayo ngalendima. Okokuqala yindlela uElisha amvusa ngayo umfana ngokulala phezu kwakhe umlomo-nomlomo, amehlo-emehlweni, nezandla-ezandleni. Okwesibili ukuthi ukuzama kwakhe ukumvusa okokuqala akuphumelelanga.
Kukangaki uzithola esimweni esifanayo nesikaElisha? Ucela uNkulunkulu enze okuthile futhi uyazi uyakwazi ukukwenza, kodwa akwenzeki ngehlandla lokuqala ucela. Kungathatha izinsuku, izinyanga, noma iminyaka. Ungadikibali uma ungaphumeleli okokuqala. Qhubeka uthandaze. Qhubeka umfune uNkulunkulu. Uzokuphendula ngendlela nangesikhathi esifanele kuwe. Ungalahli ithemba kodwa uphikelele emthandazweni. Yini leyo oyicelayo kuNkulunkulu angakayiphenduli? Yini ongayenza ukwenza ukuthi ungadikibali ekuceleni nasekumfuneni uNkulunkulu ngomthandazo kulento?

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelweni wakhe wokuthi impilo ingaba njani uma uyekelela futhi uphile ngkukholwa okungakholweki.
More
We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church